Ukulawula imboni yamandla kagesi ngokwemithetho kaHulumeni, izinqubomgomo, ukusetshenziswa kahle kakhulu okusezingeni nokwamazwe omhlaba jikelele ngokweseka intuthuko egcinekayo.
Ngubani Umlawuli Kagesi Kazwelonke (NER)?
Ukulawula imboni yamandla ngokwemithetho kaHulumeni, izinqubomgomo, ukusetshenziswa kahle kakhulu okusezingeni nokwamazwe omhlaba jikelele ngokweseka intuthuko egcinekayo.
Ukuba ngumholi osezingeni lomhlaba ekulawulweni kwamandla kagesi.
Angakusiza kanjani Umlawuli Kagesi Kazwelonke?
Umthetho Kagesi No. 41 ka-1987 njengoba usuchitshiyelwe ugunyaza Umlawuli Kagesi Kazwelonke, phakathi kwezinye izinto, ukuthi axazulule izimpikiswano phakathi kwabanikezeli bakagesi bese-ke kuba ngabathengi, kanye naphakathi kwabanikezeli bakagesi ngokwabo.
Uma kungukuthi bewungathanda indlela umnikezeli kagesi abephatha ngayo izikhalo zakho, Umlawuli Kagesi Kazwelonke angakusiza.
Hlobo luni lwezikhalazo Umlawuli Kagesi Kazwelonke angakusiza ngazo?
Usinike yonke imininingwane efanele yesikhalo.
Bonke abanikezeli basendaweni kufanele babe nelayisense abayithole ku-NER. Akekho umphakeli kagesi wasekhaya onelungelo lokwenza noma anikezele ngogesi kubathengi ngaphandle kokuthi agunyazwe u-NER.
Umphakeli kagesi wasekhaya angeze adlulisela ilayisense yakhe yokufakela ugesi komunye umphakeli wasekhaya ngaphandle kwemvume ye-NER.
Umphakeli wasekhaya akanalo ilungelo lokukhokhisa amakhasimende inkokhelo engazange igunyazwe u-NER noma aguqule izakhiwo ngaphandle kokugunyazwa u-NER. Amakhasimende kuzobe kuseyilungelo lawo ukuthi aqhubeke nokukhokha inkokhelo egunyaziwe nangale kokuthi umphakeli wasendaweni aqale ukusebenzisa inkokhelo entsha.
Umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokunikezela ngogesi kunoma ngubani obhalisiwe noma isitende esisendaweni okufanele sinikezelwe kuyo uma kungukuthi umthengi usesimeni sokuthi angawukhokhela umsebenzi owenziwe nokuthi uyafuna yini ukuwukhokhela.
Umphakeli wasekhaya kufanele ahlinzeke umthengi ngesakhiwo namazinga okukhokha asebenzisekayo lapho umthengi efaka isicelo sokunikezelwa umsebenzi nalapho ecela.
Umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokwazisa abathengi bakhe ngokukhuphuka kwamanani okukhokha, inkokhelo eyahlukene yokunikezela ngogesi nokuthi basifaka kanjani isicelo ukuze benze izinqumo ezinolwazi lapho befaka izicelo zokunikezelwa ngogesi. Sicela wazi ukuthi ngakolunye uhlangothi abathengi banelungelo lokubuza ngemali yokukhokha ezohlangabezana kangcono nezidingo zabo.
Kulabo bathengi abasebenzisa ugesi oqala ngokukhokhelwa, umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokuthi abahlinzeke ngesiteshi sokuthengisa lapho kungathengwa khona amakhuphoni. Lezi ziteshi zokuthengisa kufanele zibe sezindaweni okufinyeleleka kuzo kalula.
Babhekene nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi isiteshi sokuthengisa sivuliwe ngezikhathi zokuthenga phakathi nesonto, futhi zivulwe kusukela ngehora lesi-8:00 kuya kwele-12:00 ngezimpelasonto nangamaholidi.
Noma umthengi engenamali.
Umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokunikezela nokuqhubeka nokunikezela ugesi owethembekile kubathengi bakhe futhi ubhekene nomsebenzi wokulungisa ubuxhakaxhaka ukuze aqinisekise iqophelo lokunikezela elihle.
Lapho kuhlanjekiselwa khona ngokusetshenziswe umthengi, isaziso sesikweletu kufanele sikuveze lokhu, futhi noma iyiphi imali ekhokhwe umthengi ngokweqile ngalesi sikhathi kufanele leyo mali ifakwe ku-akhawunti yomthengi.
Lapho umthengi ephikisa khona, angacela umphakeli ukuthi ahlole ukungabi naphutha kwemitha ngokuthi umthengi akhiphe imali ethile, eyobuyiswa ngumphakeli lapho kutholakala ukuthi imitha linephutha.
Umthengi unomsebenzi wokwazisa umphakeli wasendaweni uma ethutha endlini, noma efuna ukuvala ukunikezelwa ugesi, noma efuna ukuthi udluliselwe endlini entsha.
Umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokuthi asebenzise izinhlelo zezemfundo zabathengi ngokusebenzisa ugesi ngokuphepha, kahle nangempumelelo noma ngananoma yini ethintene nokunikezelwa kogesi engakhulisa ukuqonda kumthengi ngokusetshenziswa kogesi.
Umphakeli wasendaweni unomsebenzi wokwazisa abathengi ngemali ekhokhwayo ehlukile, ukuthi bazifaka kanjani izicelo, umthelela wayo kanye nokufaneleka.
Khumbula ukuthi indawo okufanele uye kuyo kuqala kukumphakeli wasendaweni.
Umthengi unelungelo lokukhalaza ngezinga lomsebenzi owenziwa umphakeli wasendaweni.
Uma umthengi wayengenelisekile ngomphumela noma indlela isikhalo esaphathwa ngayo, angalwedlulisela udaba ku-NER ukuze ezothola usizo.
Umthengi ubhekene nomsebenzi wokufaka izintambo zikagesi nogesi endlini yakhe noma endaweni yokuhlala noma empahleni yakhe.
Kuwumsebenzi womthengi ukuthi afune umuntu okuqeqeshelwe ukusebenza ngogesi.
Umthengi unomsebenzi wokuthi aqinisekise izincwadi zokufundela umsebenzi kwalowo muntu ozofaka ugesi kanye nokuba yiqiniso kwesitifiketi esikhishiwe ngomsebenzi owenziwe.
Umthengi ubhekene nakho konke okwenzeka ngaphakathi komuzi wakhe maqondana nokunikezelwa kogesi. Noma yini-ke enye eyenzeka (ngale kwemitha) ngaphandle komngcele womuzi womthengi kuwumsebenzi womphakeli wasendaweni onelayisense. (Umthengi unomsebenzi wokubhekana nayo yonke impahla esemzini wakhe ngaphandle uma ikhishwe kwacaca ngqo esivumelwaneni sokunikezela.
Umthengi kufanele abe neSitifiketi Sokuvuma (Certificate of Compliance) esiyiqiniso esikhishwa umuntu osebenza ngogesi obhalisiwe futhi okufundele owafaka ugesi noma wahlola indlu.
Umthengi unelungelo lokukhalaza ku-NER uma ngabe umphakeli wasendaweni engafuni noma ephuza ngokungenasidingo ukunikezela ngogesi ngaphandle kokuthi anikeze incazelo ezwakalayo.
Umthengi unomsebenzi wokukhokhela ugesi osetshenzisiwe ngesikhathi (ngesikhathi esishiwo).
Umthengi unelungelo lokukhalaza kumnikezeli wasendaweni uma engathokozile ngeqophelo lomsebenzi enzelwe wona.
Uma umthengi engathokozile ngendlela isikhalazo esiphathwe ngayo, umthengi unelungelo lokufaka isikhalazo ku-NER ozobe esephenya udaba eluphenyela umthengi.
Lapho sewenze isivumelwano nomnikezeli wasendaweni onelayisense ukuthi akunikeze, kufanele ukhokhe idiphozi njengoba kusho umnikezeli wasendaweni onelayisense ngaphambi kokuthi uxhunywe ugesi..
Umthengi unomsebenzi wokuthi athintane nomnikezeli wasendaweni uma kungukuthi akazitholi izaziso zesikweletu zanyanga zonke.
Umthengi unomsebenzi wokuthi aqhubeke nokukhokhela ukusebenzisa kwamanje ngisho ngabe kukhona impikiswano nge-akhawunti kagesi/ngesikweletu.
Umthengi unomsebenzi wokuthi avikele imishini, impahla kagesi noma nanoma iyiphi enye impahla ezwelayo ezintweni zokuhambisa amandla kagesi.
Lapho kudingeka khona ukunikezela okuqhubekayo umthengi unomsebenzi wokufaka ukunikezela okuseceleni okuhlala kulindele okungahle kwenzeke.
Uma sibheka ukuthi amandla kagesi ahlale ephazamiseka akunakuvinjelwa, umthengi unomsebenzi wokuthatha izindlela ezifanele ukuze aphikisane nomphumela.
Kuyini ukubuye kuthengiswe ugesi futhi?
Ukubuye kuthengiswe ugesi kusho ukuthi inhlangano ekunikezelweni okuyinxanxathela ithenga ugesi ngobuningi kumnikezeli bese iwuthengisela abanye abantu iwehlisa iwuhambisa ngenxanxathela. Le ncwajana ichaza ngobudlelwane bokuthengisa futhi phakathi komthengi othengisayo futhi/umnikazi wendawo othenga kumnikezeli kagesi wasendaweni bese ewuthengisela lowo owusebenzisa ekugcineni isiqashi/umnikzi wendawo.
Kwenzeka nini ukuthi ugesi uphinde uthengiswe?
Ukuthi ugesi uphinde uthengiswe kwenzeka uma ngabe ugesi unikezelwa ngobuningi, ezindaweni okungezabantu ngabanye bese bona bewuthengisela iziqashi noma abanikazi bezindawo kulezo zindawo.
Okunye okuphawulekayo okubalulekile ngalokhu ukuthi isiqashi/umnikazi wendawo ugesi uwukhokhela ngqo kulowo owudayisayo futhi/kumnikazi wendawo hhayi kumnikezeli wasendaweni.
Yini ehlinzekwa ngumthetho ngokuthi ugesi uphinde uthengiswe?
Okuhlinzekwa ngumthetho kamasipala: Imithetho kamasipala ihlinzeka ngokuthi abantu okuyibona besebenzisa ugesi (iziqashi/abanikazi) akufanele babekwe esimeni esingesihle kunaleso ebebezoba kuso uma ngabe umnikezeli wasendaweni ubezoba ngumnikezeli wabo. Imishwana eminingi emithethweni yomasipala abehlukene ikusho kucace ukuthi yini eseSimisweni Somthetho 11 soMthetho Kagesi ka-1987 njengoba wachitshiyelwa.
Isigaba 11 sithi: Amazinga kanye nezimo ugesi obuye uthengiswe ngaphansi kwazo, akufanele zibe zimbi kunalezo umthengi abezozikhokhela nebezizosebenza ukube umthengi ubenikezelwe ugesi yilowo muntu othengisela umthengisi futhi wonke umthengisi kufanele lapho umthengi ecela amnikeze ngalolo lwazi njengoba kungenzeka kudingeke ukuthi kumenze ukuthi abone ukuthi ama-akhawunti awatholayo alungile yini.
Ekuthengiseni ugesi ngumuntu onelayisense noma yinoma ubani ngokwesigaba soMthetho, oxolelwe kulokho okuhlinzekwe yilesi sigaba.
Ngokwesigaba 11 : Ibhodi ingaxolela noma ngubani umnikezeli ngqo, noma iqembu labanikezeli, ngokwesigaba 6 somthetho, ngokwezinto ezihlinzekwa izimiso ezingaphansi kwezimiso zomthetho no- futhi ibhodi noma nini emva kwalokho kuxolela obekunikiwe ikuhoxise konke noma ingxenye yakho emva kwesaziso sezinyanga eziyisithupha lokho kuhoxisa kwenziwe kumnikezeli noma eqenjini labanikezeli okukhulunywa ngalo.
Iyiphi imali okufanele ngiyikhokhiswe yilowo ongithengiselayo nomuntu ongiqashisile?
Umuntu othenga aphinde athengise ugesi/umnikazi wendawo akufanele akubize imali engaphezu kwale obuzoyikhokhiswa umnikezeli wasendaweni ukuba ubekuthengisela ngqo. Isibonelo, uma ngabe ugesi uwusebenzisela imisebenzi yasekhaya futhi umnikezeli wasendaweni xxx ekhokhisa abc/kwh umuntu ophinde athengise ugesi/umnikazi wendawo nawe kufanele akubize imali engangaleyo nse.
Kufanele iboniswe imali okufanele uyikhokhe esazisweni sesikweletu?
Isaziso sesikweletu sikagesi kufanele sikhombise izindleko zangempela ezibalulekile ekukunikezeleni ugesi.
Ukukhokhelwa komsebenzi - ibandakanya izindleko ezithwalwa umuntu othenga abuye athengise/umnikazi wendawo ekukunikezeleni ngogesi. Le mali yenziwa, ukufundwa kwemitha, ukwenziwa kwesikweletu kanye nezindleko ezibalulekile ekwenzeni/ohlelweni lokwenza isaziso sesikweletu.
Uma kunezinye izimali ezikhokhwayo, kufanele zivele futhi zitholakale kwenye indawo futhi akufanele zifakwe esazisweni sesikweletu.
Incazelo egcwele ngemali ekhokhwayo kufanele inikezwe lowo muntu okunguyena osebenzisa ugesi. (Uma kunganikezwanga ncazelo, udaba kufanele kwaziswe ngalo umnikezeli wasendaweni).
Uma kungakenziwa lutho olubalulekile, bala usizo lomnikezeli wasendaweni ekuqinisekiseni ukuthi umuntu obuye athengise ugesi/umnikazi wendawo uyahambisana yini nomthetho kamasipala.
Uma inkinga ingakaxazululwa, yini-ke okunye?
Ungafuna ukuthi kulungiswe isimo ngokusebenzisa inkantolo yokuqoqa izikweletu ezincane.
Ukuthuthela kwenye indawo nakho kungaba ngenye indlela engakhethwa kodwa ayi ukuthi ivele yamukeleke nje ngenxa yemithelela ekhona.
Yini iqhaza le-NER kule ndawo?
Sicela wazi ukuthi iqhaza le-NER kulolu daba lunomkhawulo njengoba isigatshanyana somthetho kamasipala kuyisona esikhulu ngaphezu kwesigatshanyana seSimiso Somthetho. I-NRE ibe seyisiza ngesixazululo somuntu okhonondayo/sempikiswano phakathi komuntu obuye athengise futhi/umnikazi wendawo, umuntu osebenzisa ugesi kanye nomnikezeli wasendaweni.
Yini iqhaza lomnikezeli wasendaweni?
Kufanele kucatshangwe ukuthi umnikezeli wasendaweni ezimeni ezinjalo ungumnikezeli wokugcina njengoba ugesi ungumsebenzi oyisisekelo.
Ezimeni ezinjalo umuntu othenga athengise unomsebenzi wokungenelela lapho umuntu othenga athengise/umnikazi wendawo angabambeleli kokuhlinzekwa ngumthetho okhona.
Umthetho Kagesi ka-1987 njengoba uchitshiyelwe, uhlinzeka ngokuthi umnikezeli kagesi angawucisha ugesi womthengi uma engakakhokheli i-akhawunti yakhe noma engahambisananga nezimo zokuwunikezela. Kodwa-ke umthetho udinga ukuthi umnikezeli anikeze umthengi inothisi yezinsuku eziyishumi nane ngaphambi kokuthi awunqamule ugesi. Isikhathi siqala lapho umthengi esethole isaziso. Isaziso esinikezwe esazisweni sesikweletu sanyanga zonke naso sisathathwa njengesamukelekile. Ngakho-ke abathengi bayacelwa ukuthi bakuqaphele lokho okubhalwe ezazisweni zabo zezikweletu. Isigaba esilawula lokhu sisezingeni leQophelo Lomsebenzi (NRS 047) futhi sincike esigabeni soMthetho Kagesi oshiwo ngenhla.
Kubalulekile ukuhlala njalo ukhokha izikweletu zakho ngokugcwele. Lokhu kuyokwenza ukuthi i-akhawunti yakho ingabi sezikweletini. Abathengi banokuthi bakhokhe ingxenye yemali ukuze bagweme ukucishelwa ugesi. Uma isikweletu singakhokhiwe sonke ngenyanga elandelayo, kuba nzima ukuthi i-akhawunti ihlale ikahle ikhuphuke. Sicela wazi ukuthi ukukhokha ingxenye yemali ngokuvamile nakho kusangaholela ekucishweni kukagesi. Lapho ubona ukuthi angeke usakwazi ukumelana nezikweletu zakho, bonana nomnikezeli wasendaweni ukuze nixoxisane ngendlela ozokhokha ngayo isikweletu sakho uze usiqede.
Uma ngabe kungukuthi bewusayine isivumelwano sokuqedela isikweletu sakho nomnikezeli wakho, kuyasiza ukuzihlonipha. Uma uhluleka ukwenza njalo, kungenzeka ugesi wakho ucishwe. Kodwa-ke uma ngabe isimo sakho sesibe sibi kakhulu kunangesikhathi usayina isivumelwano kufanele wazise nomnikezeli wakho ngokushesha. Ubufakazi boguquko kungenzeka budingeke.
Uma unemitha lakudala (elaziwa ngokuthi imitha lesikweletu) kufanele ubheke amayunithi owasebenzisayo kanye nokufundwa kwawo ngokuvamile. Kunoma yisiphi isaziso sesikweletu kufanele kube nendawo yokufunda okuvulwe ngakho (ukufunda okwedlule) kanye nokufunda okuvalwe ngakho (ukufunda kwamanje). Kuzofanele ubheke ukuthi ukufunda okuvulwe ngakho kwenyanga kuyefana yini nokufunda okuvalwe ngakho ngenyanga edlule. Uma lokhu kungahambisani, cela incazelo kumnikezeli wasendaweni. Abantu abafunda amamitha kuyenzeka benze amaphutha.
Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi umnikezeli wasendaweni kufanele akubize malini ngeyunithi ngayinye (kWh) yogesi owusebenzisayo. Uma ungazi, buza kumnikezeli wakho noma ungathinta Umlawuli Kagesi Kazwelonke ukuze uthole ulwazi. Ukuze uqonde ukuthi ukhokhiswa malini ngaleyo nyanga, kuzofanele ukuthi uhlukanise inombolo ebekwe ngamarandi ngaphansi kwekhalamu kagesi bese uyihlukanisa ngenombolo yamayunithi owanikwe esazisweni sakho sesikweletu. (Amayunithi azoba umehluko phakathi kokufunda kokuvula nokokuvala). Inombolo kuzoba imali oyikhokhiswa ngeyunithi ngayinye.
Uma indlela yokuguqula imitha lesikweletu libe imitha eliqalwa ngokukhokhelwa ikhona, cabanga ngokuguqukela kuyo. Khumbula ukuthi kuzofuneka imali yokuguqulela. Imali izoya ngesibalo okubalwa ngaso amandla kagesi onikezelwa wona.
Ungakwazi ukulawula imali yogesi owusebenzisayo.
Uma i-akhawunti yakho ikweleta, kungenzeka ucelwe ukuthi uqale ngokukhokha yona ngaphambi kokuthi uguqulele emitheni eliqala ngokukhokhelwa. Izinzuzo zesikhathi eside ezishiwo ngenhla, zisedlula le lesi sidingo. Buza kumnikezeli wakho ngenqubomgomo elawula izinto ezinje. Ngokuvamile abanye abanikezeli badinga ukuthi umthengi enze isivumelwano sokuqedela isikweletu sakhe ngesikhathi abavumelane ngaso bobabili.
Ukuntshontshwa kogesi yinselelo edinga ukuthi iqedwe uma kungukuthi imboni yokunikezela ngogesi kufanele ihlale isimeme futhi isebenza.
Iziphazamiso: Ukuxhunywa okungekho emthethweni kaningi kuthwesa uhlelo logesi kanzima, bese ugesi uyawa. Lokhu kuholela ekutheni amandla kagesi aphazamiseke. Ukuthwala kanzima kogesi kungathikameza nezindawo eziseduze. Ukuphazamiseka okukhona akusilo iphutha lomnikezeli wasendaweni.
Ukuthwala kanzima kogesi kungaholela nakumavoltheji eqile okungalimaza impahla kagesi yabathengi abakhokhayo. Laba bathengi angeke bakwazi ukucela usizo kumnikezeli, njengoba lezi zinkinga zizobe zingenzekanga ohlangothini lwakhe noma kungesikho ukunganaki ngakolwakhe uhlangothi.
Kuholela ekulahlekeni kwemali: Abanikezeli kufanele bathole lokho okufanele imali yabo ngogesi abawuthenge kubaphehli bogesi. Imali engena ngokuthengiswa kogesi ixhasa ukwenziwa komsebenzi futhi isiza ukuthi abanikezeli bahlale benomsebenzi. Ukwebiwa kogesi kuyingozi ekuhlinzekelweni kwesizukulwane esizayo ngogesi.
Yenza ukuthi ukufakelwa kogesi kwephuze: Ukulahleka kwemali engenayo kwenza ukuthi ibe ncane imali engena ezinhlelweni zokufakelwa kogesi. Lokhu kusho ukuthi abantu abangenawo ugesi kuzofanele balindele isikhathi eside ukuthi bafakelwe ugesi.
Akuphephile: Ezimeni eziningi ukuxhunywa kogesi ngokungemthetho kuyingozi njengoba amakhebula kaningi ahlale sobala futhi kungaholela ekulahlekeni kwezimpilo.
Kuthinta amanani entengo kagesi: Ukulahleka kwemali engenayo ekulahlekeni kwentengiso kusho ukuthi lokhu kushoda kudingeka kubuye kubuyiswe ngenye indlela. Lokhu kusho ukukhuphuka emalini ekhokhwayo. Ubani othintekayo ekugcineni Abathengi abawukhokhelayo ugesi wabo njengoba lokhu kulahleka kungena ekukhuphukeni kwezimali ezikhokhwayo?
Yazisa umnikezeli uma wazi ukuthi kukhona umuntu ontshontsha ugesi.
Khumbula: Njengomsebenzisi kagesi unesibopho sokukhokhela izinsiza ozitholayo. Uma unezinkinga zokukhokhela ugesi owutholayo, mhlawumbe indlela yokusebenzisa imitha eliqalwa ngokukhokhelwa kungaba indlela engcono kuwe. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukulawula ugesi owusebenzisayo. Ukuntshontshwa kogesi kuthinta bonke abantu abasebenzisa ugesi, hhayi nje endaweni yakini kuphela kodwa nakwezinye izindawo njengoba kunomphumela ovela emva kwesikhathi.
Kungani kudingeka Izinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi?
Izinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi kuhloswe ngazo ukuthi kuqiniswe ubudlelwano phakathi kwabanikezeli nabathengi ngokuhlinzeka ngendawo lapho okungabelwana futhi kushintshiselwane khona ngolwazi futhi kuxoxwe nangokukhathaza abathengi bese kuyaxazululwa.
Ingabe ziyadingeka Izinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi?
Bekungekho ndawo lapho bebengaba nomthelela ekwenziweni kwezinqumo nokuthi baxhumane nomnikezeli.
Kuhloswe ukuthi zenzeni lezi Zinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi?
Kufanele zithuthukise ubudlelwano obukhona phakathi kwabanikezeli nabathengi, zikhuthaze imigudu yokuxhumana phakathi kwezingxenye ezimbili futhi bakhuphule nolwazi ngokufundisa abathengi. Ngalokho benza indawo yokusebenzisana embonini yokunikezela ngogesi.
ukushintshiselana ngolwazi ngemali ekhokhwayo namanani entengo noma olunye udaba.
Kufanele zenziwe kanjani Izinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi?
Izinhlangano Zokuxhumana Kwabathengi zizoxhumana nomnikezeli kagesi emkhakheni othile. Umnikezeli kagesi kufanele azame ukubandakanya zonke izingxenye zomphakathi ukuze athole ukweseka nokuhlanganyela komphakathi.
Abathengi abavela kuzo zonke izigaba zabathengi kufanele bamenywe futhi bavunyelwe ukuthi beze bahlanganyele emihlanganweni yenhlangano.
Lapho kufanele khona, abathengi noma amaqembu abathengi angakhetha abameleli ukuthi bamele lokho obakufunayo emihlanganweni.
Umnikezeli kagesi uyena ozobiza umhlangano futhi uzoba ingxenye yenhlangano. Kufanele agcinwe amaminithi omhlangano.
Inhlangano kufanele ixhumane ne-NER futhi idlulise izindaba ezingaxazululwanga njengento yokugcina engenziwa.
Inhlangano izobamba imihlangano okungenani emibili ngonyaka, ingaba nemihlangano engaphezu kwale uma kunesidingo.
ukuxhumana nabanikezeli bogesi kanye nokuxhumana nomphakathi.
Abameleli abaseNhlanganweni Yokuxhumana Kwabathengi bazodinga ukuqeqeshwa. Lokhu kuzokwenziwa uma ngabe inhlangano seyenziwe.
Indawo ekahle ezokhuthaza ukuhlanganyela kanye nokuzwana phakathi kwabanikezeli nabathengi babo.
